Umsakazi womsakazo womphakathi iNqubeko FM osakazela izindawo ezakhele uMaspala uThukela uhlele umcimbi ozosiza kwakhiwe indlu yomndeni ohluphekayo.
UMondli Ngwenya ongumsakazi odume ngelika DJ lemmo uhlele indumezulu yomcimbi womndeni owaziwa ngeLemmonation Music Festival ozoba seWimpy Park nase Settlers Park Stadium ngoLweSibili ngomhla ka 2 January 2024.
inhloso yalomcimbi ukuvula isikhwama esizosiza ukwakhela omunye wemindeni ehlonzwe yilomsakazi indlu ezobuyisa isithunzi kuwona,”Inhloso yami iyodwa vo, ukubona lomndeni uba nophahla phezu kwamakhada awo,” kuchaza uNgwenya. “Ngithinteke kakhulu ukubona isimo ohlala ngaphansi kwaso lomndeni, ngase ngibona ukuthi ngamandla enginikwe wona uMdali ngingakhona ukuqoqa imali engasiza ukwakhela lomndeni indlu ezobuyisa isithunzi sawo emphakathini.”
UNgwenya ophinde abe ngumsunguli wenhlangano eyaziwa ngeLemmonation Organisation nokuyiyona ehlele lomcimbi uthi, uyafisa ukuthi abantu beseke lomcimbi ngoba yonke imali ezokwenziwa izongena esikhwameni sokusiza lomndeni.
lomcimbi uzobe ufasele abaculi abafana noXowla, Menzi, Letoya, Stress, Vico Da Sporo nabanye abaningi. Abantwana bazobe bejabuliswa ngezindlela eziningi okubalwa kuzo iJumping Castle, Imijikelo, ukupendwa kobuso kanye nokudla njengoba uma uthenge ithikithi lomtwana nje uzobe esezihlomulela ngesidlo saseWimpy esibiza uR70 mahhala.
Amathikithi abiza kanje: Abadala – R150 kanti abantwana bakhokha uR120 kuphela. Akhona nawomtakabani ama VIP ngo R600 nje kuphela.
Amathikithi ayatholakala eComputicket noma ushauele lenombolo: 082 481 8732