UNGQONGQOSHE UVIKELE ISINQUMO SAKHE SOKUGIXABEZA ONDLUNKULU BAMAKHOSI NGEZINSIZA ZOKUQALA AMABHIZINISI


u-Thulasizwe Buthelezi, ongungqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, usephinde wavikela ukusetshenziswa kwemali yomnyango wakhe kumakhosi ngesikhathi kunikezwa imishini yebhizinisi kubaholi bendabuko esifundeni sasoGwini District.

Lo mcimbi ububanjelwe eNkanini Sports Complex e-uMzumbe ngoLwesibili, lapho amakhosi angu-43 kanye nezindlovukazi zawo bethole khona impahla yokuthuthukisa amabhizinisi nezinhlelo zokuziphilisa emiphakathini yabo.

Imishini enikeziwe ibandakanya amafriji ahambayo, amatende kanye nezihlalo.

UButhelezi uthe lolu hlelo luhloswe ngokwenza amakhosi abe ngabaholi abangagcini ngokuba ngabokwesintu kuphela, kodwa babe yingxenye yokukhulisa umnotho ezindaweni zasemakhaya nokudala amathuba emisebenzi.

Enye yempahla enikezelwe amakhosi asoGwini uMnyango Wokubusa nokubambisana eKZN

Lokhu kuza ngesikhathi umnyango wakhe ubhekene nokugxekwa okukhulu ngokusetshenziswa kwemali, ikakhulukazi ngemva kokudalulwa kokuthi iCogta ichithe cishe izigidi ezingu-R20 ukuthengela amakhosi izimoto ezintsha.

UButhelezi uthe ukusetshenziswa kwaleyo mali kufanelekile ngoba umnyango wakhe unomsebenzi wokweseka amakhosi.

“Umsebenzi wethu ukuqinisekisa ukuthi amakhosi awagcini ngokuba ngabaholi bemicimbi yesintu kuphela, kodwa abe ngabaholi bokuthuthukisa umnotho wasemakhaya,” kusho yena.

Uthe amakhosi anendima enkulu ekuthuthukiseni umphakathi, ikakhulukazi ezindaweni lapho uhulumeni ungafinyeleli khona kalula.

Ngokusho komnyango, le mpahla izosiza amakhosi ukuthi aqale amabhizinisi amancane, ahlele imicimbi futhi enze imali ezobuyiselwa ekuthuthukiseni imiphakathi.

UButhelezi uphinde wamemezela ukuthi ngenyanga ezayo umnyango uzophinde unikele ngezinye izimoto ezingu-36 kumakhosi ukuze kuthuthukiswe ukusebenza kwawo.

Ekhuluma egameni lamakhosi AsoGwini, Inkosi uZamindlela Madlala uthe lolu sizo luzokwenza amakhosi abe yingxenye enkulu yokuphakamisa umnotho wemiphakathi yawo.

UButhelezi uzichithile izinsolo zokuthi imali esetshenzisiwe bekufanele iye kwezinye izidingo zomphakathi ezifana nokwakhiwa kwezindlu.

“Ngiyinhloko yomnyango osebenzela amakhosi, hhayi owezokwakha izindlu. Umsebenzi wami ukuletha usizo kubaholi bendabuko,” kusho yena


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved