UMPHAKATHI WASESAHLUMBE UKHALA NGOMGWAQO OBEKA IZIMPILO ZABANTWANA BESIKOLE ENGOZINI


Njengoba izikole zivuliwe eMnambithi, abafundi abancane baseSahlumbe eMsusampi, ngaphansi kukaMasipala wase-Alfred Duma, basaqhubeka nokusebenzisa umgwaqo oyingozi oqoshwe entabeni eduze kakhulu noMfula uThukela.

Lo mgwaqo, oke wathatha izimpilo zezingane eminyakeni edlule, usasetshenziswa ngisho izingane ezineminyaka emihlanu uma ziya esikoleni ekuseni.Lo mgwaqo oyisihlabathi, ohamba eduze komphetho womfula, awunazo izivikelo futhi awunamgwaqo wabahamba ngezinyawo. Amajika abukhali kanye nokudilika kwamatshe ikakhulukazi ngesikhathi sezimvula, kwenza indawo ibe sengozini enkulu.

Imvula enamandla yenza umhlaba uthambe, okwandisa amathuba okuthi izingane ziwe noma zingene emfuleni.Izakhamuzi zithi nakuba kudala kwabakhona izithuthi zabafundi ezethulwa ngo-2012, zamiswa ngo-2024. Manje zicela uMasipala wase-Alfred Duma, uMnyango Wezokuthutha nowezemfundo ukuthi bathathe izinyathelo eziphuthumayo zokuthuthukisa umgwaqo nokuhlinzeka ngezithuthi zabafundi ukuze kugwemeke ukulahleka kwezimpilo.

📷 Simphiwe Zwane


Uthukela Times All Rights Reserved