LILALELWE UNYENDLE LABULAWA IPHOYISA EBELILWA NOBUGEBENGU ENAZARETHA


Kudutshulwe kwabulawa umuntu oyedwa izolo ebusuku ngesikhathi engena ekhaya lakhe endaweni yaseNazaretha eMnambithi.

Lomlisa ubesebenza njengephoyisa futhi ehlonishwa kakhulu emphakathini.

Ngokwemibiko, leli phoyisa belisuke ekhaya layothenga esitolo esiseduze. Ngesikhathi ebuya cishe ngo-10 ebusuku, nokuthe esezongena esangweni, kwavumbuka abalisa abangaziwa bamdubula.

Imbangela yalokhu kubulawa ayikaziwa okwamanje. Amaphoyisa asevule icala lokubulala esiteshini samaphoyisa Ekuvukeni, kanti uphenyo lusaqhubeka.


Uthukela Times All Rights Reserved