UMholi weqembu iMayibuye uhlangane nabaholi bendabuko kanye nomphakathi waseWeenen lapho belalele khona izikhalo zabantu mayelana nokushoda kwezidingongqangi nokunganakekelwa kwengqalasizinda yomphakathi.

Ngokusho kweqembu iMayibuye, umphakathi waseWeenen, ongaphansi koMasipala waseNkosi Langalibalele, ufuna kusungulwe uMasipala ozimele waKwaNobamba ngenxa yalokho abakubize ngokwehluleka ukulethwa kwezidingongqangi kanye nokunganakekelwa kwemigwaqo nezinye izikhungo zomphakathi.
Iqembu lithe lihambele indawo ukuze lilalele izikhalo zomphakathi kanye nezamakhosi, lathi lizokweseka imizamo yabantu yokufuna izixazululo ezizothuthukisa impilo yabo.
