SISHUBILE ISIMO EPHAYIKENI AMALUNGU OMPHAKATHI ESOLANA NGOKUTHAKATHA


Bekushube isimo ngesikhathi kunomhlangano womphakathi wasendaweni yaseMagcekeni ephayikeni eMnambithi izolo.

Lomhlangano obubnjelwe enkundleni yezemidlalo kulendawo ububizwe ngumlisa othile ongumelaphi wendabuko wakhona kulendawo. Lomlisa ngeviki eledlule wakhilpha incwadi emema lomphakathi kulomhlangano ethi uzodalula ukuthi ngubani othakatha lomphakathi, kanti futhi ezochaza kabanzi ukuthi ngabe lomthakathi ukwenza kanjani lokhu.

Amalungu omphakathi akulendawo athi vele kulendawo zikhona izinto ezenzekayo ezingaqondakali, njengokunyamalala kwabantu abanye batholakale sebebulewe futhi becuywe izitho zomzimba.

Nembala lomphakathi uhlangene izolo kulenkundla, kukhona ngisho amaphoyisa ezoqapha ukuthi isimo singaphumi esandleni ngoba umphakathi ubumagange ufuna ukuzwa ukuthi lomlisa ngabe uwuphatheleni.

Lomlisa ke ube esetshela lomphakathi ukuthi kunomlisa wakhona la endaweni(igama lakhe esiligodlile) othwele futhi osebenza ukuthakatha abanye abantu basendaweni. Uthi lomlisa kukhona abantu abavale inzalo, abanye bazophathwa amakhanda maqede bafe, abanye kuvaleke imishado. Bonke laba bantu ubebabiza ngamagama.

Odabeni lwabantu abalahlekayo endaweni, lomelaphi uthi labo bantu babulawa nguye lomuntu bese ethwala ngabo. Iqhube yathi labo bantu iyazi ukuthi bagqitshwe khona emzini walomuntu. Uphinde wagadla kuwo amaphoyisa wathi nawo ayingxenye yalento ngoba abuye anikwe yilomlisa imali ukuze athalalise uma kukhona umuntu onyamalele.

okudidayo ke ukuthi lomelaphi kuthiwa bebengamathe nolimi nalomsolwa osolwa ngokusoconga abantu, okwenza abantu abaningi balomphakathi bakholwe ukuthi lezi zinto azikhulumayo, zazenzeka naye ekhona, yingakho ezazi kangaka nje.

Umhlangano uphele umphakathi udidekile ungazi ukuthi uthatheni uhlanganise nani. Isimo sisashubile namanje kulendawo.


Uthukela Times All Rights Reserved