Amaphoyisa esifundeni sase iLembe axwayisa umphakathi ngomuntu ozenza sengathi usiza abantu ukubhala izivivinyo ze-SAPS.
Ngokusho kukaPriya Nunkumar, lomuntu owenza lomkhonyovu uthinta abantu ethi kukhona amathuba emisebenzi eSundumbili SAPS. Ube esecela imininingwane yomuntu kanye nemali ukuze “asize” ekubhaleni izivivinyo.
Amaphoyisa aqinisekisa ukuthi lo mkhuba ungumkhonyovu ngoba akukho ukuqashwa okwenzeka eSundumbili SAPS. Sekukhona abantu abaningi asebethintekile.
Amaphoyisa athe zonke izinhlelo zokuqashwa ze-SAPS zimahhala futhi zimenyezelwa ngokusemthethweni. I-SAPS ayiceli mali noma inikeze imisebenzi ngezingcingo noma ezinkundleni zokuxhumana.
Umphakathi uyanxuswa ukuba uqaphele futhi uqinisekise imininingwane eziteshini zamaphoyisa ezisemthethweni.

