Amaphyisa akuleli abambe cishe izigebengu ezingu-17 000 ngesikhathi somkhankaso i-Operation Shanela kusukela mhla zingama-23 kuya zingama-29 kuNdasa 2026 ngaphambi kwamaholide ePhasika. NgokukaVincent Mukhathi, kuboshwe abantu abangu-16 599, kuhlanganisa nabangu-2 026 abebefunwa ngamacala abucayi afana nokubulala, ukudlwengula nokuphanga.
Amaphoyisa aphinde abamba izimpahla zomgunyathi ezibiza izigidi eziyizi-R160 eGauteng, KwaZulu-Natal naseWestern Cape. Kuboshwe nabesifazane abahlanu e-OR Tambo Airport bethwele izidakamizwa ezingaphezu kwezigidi eziyizi-R5.
Kwezinye izigameko, izigebengu ezihlobene nokuphanga, ukuthumba kanye nokuphoqelela abantu zibanjiwe noma zabulawa. Amaphoyisa athi lo mkhankaso ukhombisa ukuzimisela ekulweni nobugebengu ezweni lonke.

