Amaphoyisa ashaqe izidakamizwa zohlobo i-cocaine okusolakala ukuthi zingabiza imali engaphezu kuka-R200 million esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport.
Lezi zidakamizwa zishaqwe ngesikhathi amaphoyisa eSAPS,nezinye izinhlaka zezokuphepha zoqhuba umkhakhanso wokuqinisekisa ezokuphepha nokugcinwa kwemithetho ngoLwesibili, zingu-25 Agasti 2026 ezigamekweni ezahlukene.
Esigamekweni sokuqala kutholakale,izidakamizwa cishe amakhilogremu angu-84 zohlobo i-cocaine kumaSuitcase amabili amakhulu. Kwesinye isigameko , kwashaqwa amabhokisi amane cishe amakhilogremu angu-250 egwele izidakamizwa zohlob icocaine.
Akukaboshwa muntu okwamanje, kanti amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo ukuze athole abantu abathintekayo.
Ibamba likaKhomishana Kazwelonke Wamaphoyisa, uLieutenant General Puleng Dimpane, uncome ithimba elibambe iqhaza ekushasheni lezi zidakamizwa.
