UMnyango Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo uthi ushaqe omakhalekhukhwini abangaphezu kuka-37 000 emajele aseNingizimu Afrika ngonyaka odlule wodwa.
UNgqongqoshe uPieter Groenewald uthi ukushushumbiswa kwalezi zingcingo kuyingozi ngoba zisetshenziswa ekwenzeni ubugebengu nasekuqhubeni imisebenzi yamaqembu ezigelekeqe.
Uqhube wathi uMnyango usuqinisa ezokuphepha ngokusebenzisa ama-body scanner, amakhamera kanye nezinye izinsiza kant futhi bazokwenza ukugasela emajele kungazelele muntu kube yinto ejayelekile ukuze kuseshwe.
UGroenewald uthi amajele nawo abhekene nokugcwala ngokweqile, njengoba manje egcwele ngo-62%. okubalwa kubo abangu 30 000 abangabantu bokufika kanti abangu 20 00 0 badonsa izigwebo zikadilikajele
