UNdunankulu wesifundazwe saKwaZulu-Natal, uThami Ntuli uhambele kuMasipala waseMfolozi oholwa iMeya uKhansela uXolani Bhengu eMzingazi ku ward 06.UNdunankulu uNtuli uhambele kule ndawo eyobamba Imbizo yokulwisana nobugebengu, ebihlanganisa izimeya,amakhansela, izinhlaka ezilwa nobugebengu, abefundisi, izakhamuzi kanye nabasebenzi boMnyango wezokuPhepha nokuXhumana koMphakathi nabasebenzi bomasipala abakhele owesifunda iKing Cetshwayo. Kunxenxwe umphakathi ukuba ubambisane nohulumeni ukulwa nobugebengu ngesikhathi.
UMeya wendawo ukhansela uBhengu uthi izigebengu zimbalwa emphakathini kanti zinganqotshwa ngokuthi kubanjiswane. Kule mbizo, umphakathi ubuhlinzekwa ngezinsiza ezehlukene njengoba bekukhona iminyango kahulumeni eyehlukene ilekelela umphakathi.UNdunankulu waseKZN uMhlonishwa uThami Ntuli ubonge ukuzinikela kwabezihlaka ezilwa nobugebengu kuMasipala waseMfolozi.
