KUKLONYELISWE AMAPHOYISA ENZE KAHLE EMQHUDELWANENI WEZIBHAMU EMNAMBITHI


Amalungu e-SAPS angaphansi kweCombat Rifle Teams abambe iqhaza emqhudelwaneni wokudubula obubanjelwe eWagonhill Shooting Range eMnambithi, KwaZulu-Natal.

Lo mcimbi wezinsuku ezimbili uqale ngoLwesihlanu, zingama-24 kuMbasa 2026, kanti uqhubekile kwaze kwaba yizolo ngomgqibelo lapho amalungu avela ezifundazweni ezahlukene okubalwa KwaZulu-Natal, Gauteng, Eastern Cape, Northern Cape, North West kanye neFree State ebanga khona isicoco somdubuli ohamba phambili.

Lo mqhudelwano ube yithuba lokuhlola amakhono okudubula, ukuqina nokusebenza ngokuzimisela phakathi kwamaphoyisa, okubalulekile emsebenzini wawo wansuku zonke.

Abaphumelele bahlonishwe ngezindondo nemiklomelo emcimbini obubanjelwe enkambini yamasotsha yakhona emnambithi i 5Sai Batallion, kanti lo mcimbi uphinde wagqamisa ukubaluleka kokuziphatha kahle, ukusebenza njengeqembu kanye nokungapheli amandla.

Amalungu eCombat Rifle azobe esebhekisa amehlo awo emqhudelwaneni kazwelonke ozobanjwa ngo-August 2026, lapho kulindeleke khona ukuncintisana okukhulu kakhulu.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved