INkantolo yoMthethosisekelo yaseNingizimu Afrika, Constitutional Court of South Africa, kulindeleke ukuthi ikhiphe isinqumo esibalulekile ngoLwesihlanu, mhla ziyi-8 kuNhlaba 2026, mayelana nodaba olubhekene noMengameli Cyril Ramaphosa olwaziwa nge-Phala Phala.
Leli cala lilethwe yi-Economic Freedom Fighters (EFF), ithi iPhalamende lahluleka ukufeza umsebenzi walo wokubeka uMengameli icala ngesikhathi livotela ukumisa uphenyo lokumsusa esikhundleni.
Udaba lwePhala Phala luqhamuka ekugqekezweni okwenzeka ngoFebhuwari 2020 epulazini likaRamaphosa, lapho kuthiwa kwantshontshwa khona imali yangaphandle engu-$580,000 (cishe u-R10 million), eyayifihlwe kusofa. Le mali kuthiwa yayiyinkokhelo yokuthengwa kwezinyathi.
I-EFF ithi kwakumele kube khona uphenyo olugcwele, kanti umbiko ka-2022 wathi uRamaphosa unecala okufanele aliphendule. Kodwa iPhalamende lavota ngokungaqhubeki nalolo phenyo.
URamaphosa uphika noma yikuphi ukwephula umthetho, ethi imali yayisemthethweni futhi akazange enze icala.
Isinqumo senkantolo kulindeleke ukuthi sicacise ukuthi iPhalamende lenzq kahle yini noma lephule umthetho, futhi singaba nomthelela omkhulu kwezombusazwe nasekubuseni kwezwe.

