AMAPHOYISA ATHOLE IZIDAKAMIZWA EZIBIZA U-R13 MILLION ECHWEBENI LASETHEKWINI


Amaphoyisa aKwaZulu-Natal aqhubeka nokusesha abasolwa ngemuva kokutholakala kwe-cocaine elinganiselwa ku-R13 million ngesikhathi somkhankaso wobunhloli eDurban Habour ngoLwesibili mhla zi-5 kuNhlaba 2026.

Ngokwesitatimende se-South African Police Service KwaZulu-Natal, lolu phenyo luqale ngemuva kokutholakala kwezidakamizwa eGauteng ngo-Ephreli, lapho kwavela khona ulwazi lokuthi izidakamizwa zingena kuleli ngeDurban Harbour.

Abezobunhloli babe sebeqala ukugada imikhumbi ethile okusolakala ukuthi iyasetshenziswa kule misebenzi. Ngesikhathi somkhankaso obuhlanganisa iDurban Operational Response Services (ORS) kanye neSerious Organised Crime Investigation (SOCI), kutholakale amabhulokhi angu-32 okusolwa ukuthi yi-cocaine efihlwe endaweni ye-air conditioning emabhasini abethwelwe yilomkhumbi.

Kubikwa ukuthi la mabhasi athunyelwa evela ezweni laseSouth America futhi ehlelelwe ukuya eGauteng.

Amaphoyisa athi uphenyo luyaqhubeka ukuthola abantu abathintekayo kulokhu kuthunyelwa kwezidakamizwa kanye nalapho bezaziyiswa khona.


Uthukela Times All Rights Reserved