UNgqongqoshe Wezokuthutha Nokuhlaliswa Kwabantu KwaZulu-Natal, uSiboniso Duma, umemezele ukuthunyelwa kwezikhulu zomthetho ezingaphezu kuka-3,483 kanye namaphoyisa omgwaqo angu-105 kazwelonke esifundazweni sonke ngempelasonto ende yePhasika.
Lo mkhankaso wethulwe eMdloti RTI Centre lapho kuhlolw3 khona izimoto zomphakathi. iziphathimandla ziphinde zahlola amabhasi namatekisi angu-17, kanye nezimoto ezine eziboshiwe ngenxa yokwephulwa komthetho ngesikhathi sokusebenza okuholwa yi-Operation Shanela kanye ne-Road Traffic Inspectorate.
Lo mkhankaso uyingxenye yomsebenzi we-#NenzaniLaEzweni, ozoqhubeka amahora angama-24 ngosuku kuze kube umhlaka-3 Meyi 2026. Lo msebenzi uhlanganisa izivimba mgwaqo ezingu-148, izindawo zokuhlola abashayela bedakiwe ezingaphezu kuka-80 kanye nemisebenzi yokuqinisekisa isivinini engaphezu kuka-118 ezindaweni ezinobungozi obukhulu.
Iziphathimandla zizophinde zenze imisebenzi engu-91 egxile ekuthuthweni kwabafundi kanye nemisebenzi yokuphoqelela abantu abahamba ngezinyawo engu-28 ebhekiswe kubantu abahamba ngezinyawo abadakiwe kanye nalabo abanganaki amabhuloho abahamba ngezinyawo.

