IHhovisi likaMengameli waseNingizimu Afrika selikuphikile ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa ucele ukuvakashela eGhana noma ukuthi uhulumeni walelo zwe wenqabe ukumamukela.
Lokhu kulandela imibiko eshicilelwe emithonjeni yezindaba yaseGhana, eyabe isisabalala emazweni aseNtshonalanga Afrika nakwezinye izingxenye zomhlaba, ethi iGhana yenqabe ukuhambela kukaRamaphosa ngenxa yokuhlaselwa kwabokufika eNingizimu Afrika.
Okhulumela uMengameli, uVincent Magwenya, uthe akukho sicelo esake senziwa sokuvakashela iGhana futhi akukho hambo oluhleliwe njengamanje.Phambilini bekuke kwabikwa ukuthi umhlangano weGhana neNingizimu Afrika ngaphansi kweBinational Commission (BNC) uhlehlisiwe.
Imibiko iveze ukuthi iGhana ifuna ukugwema ukuthi izingxoxo zobudlelwano nokuhwebelana ziphazanyiswe udaba lwemibhikisho nobudlova obubhekiswe kwabokufika eNingizimu Afrika.Uhulumeni waseGhana wawugcizelele ukuthi uma kukhona ukuhlehliswa, bekungesikho ukwesulwa kobudlelwano phakathi kwala mazwe, kodwa bekuzohlelwa olunye usuku.
Ngakolunye uhlangothi, iHhovisi likaMengameli waseNingizimu Afrika lithi imibiko ethi iGhana yenqabe ukuhambela kukaRamaphosa ayinasisekelo, njengoba kungekho hambo olwaluceliwe noma olwaluhleliwe.
