UMENGAMELI RAMAPHOSA NENDLULAMITHI BABUNGAZE USUKU LOKUZALWA KWENKOSI UMSWATI ESWATINI


UMengameli waseNingizimu Afrika, Cyril Ramaphosa, kanye neSilo Misuzulu kaZwelithini, bebese-Swatini izolo lapho behlanganyele khona emgubhweni wokugubha iminyaka engu-40 yokubekwa esihlalweni sobukhosi kanye nosuku lokuzalwa lweminyaka engu-58 lweNkosi Mswati III.

Lo mcimbi ubungowokuhlonipha ubuholi obude beNkosi uMswati III, futhi ubuhlanganise abaholi abahlukene esifundeni saseNingizimu ye-Afrika.

Ukuba khona kukaRamaphosa kanye neSilo uMisuzulu kugcizelele ubudlelwano obuqinile phakathi kweNingizimu Afrika neSwatini, obususelwe emlandweni, amasiko kanye nobudlelwano obaqiniswa kakhulu ngemuva kokuphela kobandlululo.

Lo mgubho uphinde waba yithuba lokuqinisa ubudlelwano bamazwe kanye nokugqugquzela ukubambisana phakathi kwezinhlanga nezizwe zesifunda.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved