Kutshelwe abokufika abavale izitolo zabo ngesikhathi kunemashi eMtshezi ukuthi bangabe besavula ngoba bezivalule ngesikhathi kunemashi namuhla. Le mashi ibihlelwe yiMeya yaseNkosi Langalibalele, uMduduzi Myeza, ngenhloso yokubhekana nodaba lwabantu abangekho emthethweni kuleli.

Imashi ibihanjelwe yizinkumbi zomphakathi waseMtshezi kanye nesishoshovu uPhakelumthakathi, lapho abahlanganyeli behambe ezitaladini bephethe izingqwembe ezibhalwe “Mabahambe”.
UMeya uthe ukuvalwa kwezinye izitolo ngesikhathi semashi kubonisa ukuthi kukhona okungahambi kahle okwenziwa ngaphakathi kwazo, wathi umasipala uzoqhubeka nokubheka ukuthi zivaliwe lezi zitolo kuze kube abanikazi bazo beza kuye bezochaza ukuthi kungani bezivalile uma bekulelu ngokomthetho.
Amaphoyisa abekhona ukuqapha isimo, kanti imashi ibe nokuthula ngaphandle kwezigameko zobudlova noma ukonakala kwempahla.
Iziphathimandla ziqhubeke nokukhuthaza ukuthi noma imibhikisho iqhutshwe, kumele ihambisane nomthetho futhi kugcinwe ukuthula emphakathini.

