Iqale kahle imidlalo ye Ladysmith Off Season Soccer Tornament ebanjelwe Endaweni yase Steadville enkundleni yezemidlalo okuyi AG MAGUBANE Stadium.
Kuzokhumbuleka ukuthi njalo uma kuwuDecember kuba nemiqhudelwano weziteki ohlanganisa imiklomelo eyehlukehlukene ehlanganisa isamba semali noma isiklabhu ezindaweni eziningi ezahlukene,ngaphansi kwebhola likanobhutshuzwayo.
Kulemidlalo eqhubekayo e -AG Magubane Stadium kubekwe isamba semali eyzinkulingwane ezilishumi (R10 000) kuloyo ozoba ngumpetha, bese kuthi iqembu eliyophuma isibili lona liyohlomulo Izinkulungwane Ezinhlanu(R500)
Mine (4) imidlalo edlale osukwini lokuqala njengoba lemidlalo kulindeleke ukuba idlale kusuka ngo mhlaka 20 kuze kube 23 December 2023.
Nansi imiphumela:
- Redkill 0 – 2 Piters Fast XI
- Phezulu Man City 2 – 1 Yababa FC
- Umbulwane Manchester 0 – 4 Tsamen Academy
- Chelsea 1 – 1 Mdweshu FC
Zizodlana imilala anamuhla kuyona inkundla Efanayo njengoba imine Imidlalo elindeleke osokwini lwana muhla.
- Umbulwane United VS Zamanani.
- Palese Vs 447
- FC One TOUCH Vs Real State
- REAL MAGIC VS CLASSIC FC.
Kuyothi labo abanqobile baqhubeke futhi ngo mhlaka 22 Kanye 23 kusuka kwi sigaba Sama Quater Final kuze kube owamanqamu
Iqembu Lenkatha Fredom Party okuyi bona abaxhasi bale midlalo lijabule ngendlela imidlalo eqale ngakhona.
Kanti nawe Uma kukhona imidlalo yangakini eqhubekayo kulesi sikhathi ongathanda ukuba Sibike ngayo ungasithinta usazize lapha ku ThukelaNews.