ISILILO KUSHONA ILUNGA ELIQAVILE LEQEMBU ILADYSMITH BLACK MAMBAZO


Umkhakha womculo ukhalas ngokudlula emhlabeni kuka-Albert Mazibuko, obeyilungu leqembu lodumo iLadysmith Black Mambazo.

UMazibuko udlule emhlabeni ngeSonto lePhasika, njengoba kuqinisekiswe abaphathi beqembu. Uchazwe njengomuntu ozithobile futhi onomusa ozinikele emculweni iminyaka engaphezu kwamashumi amahlanu.

Wajoyina leli qembu ngo-1969 ngokumenywa ngumsunguli uJoseph Shabalala futhi wahlala eyilungu eliwumgogodla iminyaka engu-55, waba “indoda yesandla sokudla” kaShabalala ethenjwayo. Ngokuhamba kweminyaka, wabamba iqhaza elibalulekile ekulolongeni umsindo weqembu kanye nempumelelo yomhlaba wonke.

UMazibuko ubedlala emazweni aphesheya, esiza leli qembu ukuthi liwine izindondo eziningi zeGrammy futhi wasebenzisana nezihlabani zomhlaba okubalwa kuzo uPaul Simon noStevie Wonder.

Ngemuva kokuthatha umhlalaphansi kukaShabalala ngo-2014, uMazibuko waba umeluleki wamalungu asemancane, ehola ifa leqembu phambili.

Ukhunjulwa njengomphefumulo omnene owasebenzisa umculo ukuhlanganisa abantu emhlabeni wonke.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved