UZOTHATHA IKHEFU EKUSAKAZENI OVALELWE NGAPHANDLE OHLWINI LOKHOZI FM


USfiso Sibiya, owaziwa ngoKing Sfiso, useqinisekisile ukuthi uthatha ikhefu emsakazweni ngemuva kokushiywa ngaphandle ohlwini olusha loKhozi FM. Lokhu kulandela iminyaka eyisikhombisa esebenza kulesi siteshi, lapho abe yizwi elithandwayo kubalaleli abaningi ezweni lonke. Ukungabikho kwakhe kushiye abalandeli bemangele, okumenze wakhuluma ngokusobala ngalolu daba.

Encwadini yakhe ethinta imizwa, uthe akubanga lula ukuhamba kodwa ubonga kakhulu ithuba alitholile ngesikhathi esebenza kulesi siteshi. Uveze ukuthi lolu hambo lumfundise okuningi futhi lwamkhulisa empilweni nasemsebenzini.

Uphinde wabonga abalaleli ngokumeseka njalo kanye nozakwabo ngomusa, ukubambisana nothando abamkhombise lona.

Nakuba abaningi bedumele, uthe lokhu akusikho ukuphela kodwa uyaphumula izinyanga ezimbalwa ukuze azilungiselele ikusasa, futhi uzobazisa abalandeli uma esebuyela emoyeni


Uthukela Times All Rights Reserved