namanje awukakholwa umphakathi wasendaweni yaseMoba eMnambithi ngesenzo sowesilisa okuthiwa ubulale indodana yakhe eneminyaka emibili maqede wayishutha izithombe wazifaka kuFacebook esebenzisa i-account kanina wayo.
Lesi sigameko okuthiwa senzeke ngempelasonto, sishiye umphakathi walendawo umangele. Ngokwemibiko, kuthiwa lona wesilisa wathola okuthile ocingweni likamama womtwana wakhe okungazange kumthokozise, nokwadala ingxabano phakathi kwabo bobabili.
Kuthiwa lensizwa ke ibe isithatha isinqumo sokuthi ikhiphele isibhongo enganeni. Lomlisa kuthiwa akagcinanga ngokumbulala lomtwana, kodwa kuthiwa ube esemthatha wayomphanyeka esontweni elibude buduze nakubo, nokungakaqondakali kahle ukuthi kungani lomtwana ephanyekwe kulelisonto. Ube eseyishutha lengane maqede wabhala kuFacebook ukuthi, “nimtshele umawakhe ukuthi uzomthola esontweni”
Ikhansela lendawo uMnumzane Xolani Kubheka ukuqinisekisile lokhu futhi waveza nokuthi lona wesilisa useboshiwe.
uKubheka, uthe umama nomndeni walomtwana baphazamisekile kakhulu emqondweni futhi badinga ukwelulekwa ukuze badule kulesi simo esinzima.

