UMEYA KAMASIPALA WASE-MNGENI UHLOLE UHLELO LOKUTHUTHUKISA AMAKHONO ENTSHA KWEZOLIMO


UMeya kamasipala waseMngeni ukhansela uChris Pappas uvakashele isikhungo Institute for Cooperatives and Community Economic Development esiseMerrivale ukuhlola inqubekela phambili ohlelweni oluxhaswe yilomasipala ngezimali oluthuthukisa amakhona entsha ukuze ikwazi ukubanamakhono okuqashwa noma iziqalele amabhizinisi ayo.

Loluhlelo, lucija intsha eqhamuka ezinkalweni zonke zaseMngeni.kanti uhambo lwanamhlaje lukaKhansela uPappas belubheke kakhulu intsha engamashumi amabili eqhamuka emaWadini ahlukene eMngeni nefakwe ngaphansi kohlelo lwezolimo olwaziwa nge Agricultural Planti Production Programme. Njengoba labafundi sebeqedile ukufunda izincwadi, sebedlulele ekufundeni umsebenzi ngqo ukuze bathole iziqu zabo.

Leziziqu zingaphansi kwe LGSETA/AGRISETA okusho ukuthi ziyahlonishwa ziyaziwa ngababhekele ezeziqu okuyiSAQA, lokhu kuqinisekis aukuthi abafundi bazoba nezitifiketi ezaziwayo nezihlonishwayo uma sebenqonqoza beyofuna amathuba.


Uthukela Times All Rights Reserved