Ubhekwe ngabomvu umphumela wokhetho lokuchibiyela ka Ward 11 endaweni yaseHlathikhulu eEstcourt, lokhu kungenxa yombango wale ward obonakale umkhulu kakhulu emaqenjini ezepolitiki kulendawo.
Ukhetho lokuchibiyela luze ngemuva kokuthi kwesula esikhundleni ikhansela le African National Congress (ANC) ebeliphethe uWard 11 uKhansela Nosipho Hlongwane, owasula isigubhukane ngenyanga ka Octber 23. uHlongwane wabhala incwadi ebhalela ihhovisi leMenenja kaMaspala iNkosi Langalibalele uMnuz SB Mthembu emazisa ngokwesula kwakhe njengekhansela kule ward, umaspala wabe usumemezela ukuthi okwesikhashana le ward izoqashwa usomlomo kamaspala uSiphiwenkosi Khumalo.
Ikhomishana yokhetho ezimele kuleli i-Independent Electoral Commission (IEC) wabe usumemezela umhlaka December 13 njengosuku lokhetho, emva kwalokho amaqembu ezepolitiki abe esengena ephuma kulendawo eqhuba wona umkhankaso njengoba phela i ward isele dengwane.
Amaqembu ezepolitiki okuyi ANC ne IFP iwaona abonakala ehamba phambili ngokulangazelela le ward kwazise ngesikhathi ekhankasa aqinise umkhankaso ngokulanda osondonzima bawo kulelisonto eledlule, ubuholi obuphezulu be-IFP benze uDoor to Door kule ward bulekelelwa uMnuz Thami Ntuli ongusihlalo we PEC yeIFP kwaZulu Natal, yaphinde ngomsombuluko yahlela umcimbi omkhulu owaziwa ngeSiyanqoba Rally lapho kade kukhona noMengameli wayo imbala uMnuz Velenkosini Hlabisa kanye nabaculi benandisa.
Kanti ohlangothini lwe ANC nakhona kubonakale iqhuba umkhankaso ngokulekelelwa uSihlalo wayo esifundazweni uMnuz Sboniso Duma, usekela wakhe uNkk Nomagugu Simelane, Sipho Hlomuka nabanye abaholi.
Ukusula kuka Hlongwane akuzange kwehle kahle enhlanganweni I ANC njengoba yamgxeka kakhulu ngalesinqumo sakhe, okhulumela lenhlangano esifundeni iJosiah Gumede Region uMnuz Bheki Khanyile akachaza wathi uHlongwane akazange ebazise ubuholi ngesinqumo sakhe, yize wake wazama ukusula phambilini wabeka izizathu ezithinta izikweletu zakhe, wathi abakuqondanga ukuthi ukusula kuzomsiza ngani ezikweletini athi unazo.