Umhlangano kaMasipala waseNkosi Langalibalele ubanjelwe eWembezi Council Chambers, ubuthanyelwe yiwo wonke amakhansela. Inhloso yomhlangano bekungukudingida ukusebenza kukaMasipala kanye nezindaba zokulethwa kwezidingo emphakathini.
Kushayelwe ihlombe kakhulu ukuphepela kwawo wonke amakhansela nokubamba iqhaza kwawo, okwenze umhlangano waba yimpumelelo. Kuphinde kwaba yithuba lokubuyisana nokubeka phambili izidingo zomphakathi.
Kubongwe kakhulu noNdabezitha abebekhona, okukhombisa ukubambisana phakathi kukaMasipala nobuholi bendabuko.
Umhlangano uphethe ngokuvumelana ukuthi kuzosetshenzwa ngokubambisana ukuze kuthuthukiswe impilo yabantu, kugcizelelwa ukuthi okwabantu kufanele kusebenzele abantu.

