KUFE ABAHLANU ABADUBULE KUQALA BEBHEKENE NAMAPHOYISA E-KZN


KUDUTSHULWE kwabulawa abasolwa abahlanu ngesikhathi betholana phezulu namaphoyisa KwaZulu-Natal kwaBester.

Laba bebefunwa ngamacala okubulala, ukuzama ukubulala nelokugebenga kuhlonyiwe. Amaphoyisa athi amaphoyisa avele angenela abasolwa kulandela uphiko lwezobunhloli, kodwa ahlangana nemvula yezinhlamvu ngesikhathi ezama ukubabopha.

Kube nokudubulana kwaze kwashona abasolwa abahlanu endaweni yesigameko. Awekho amaphoyisa okubikwe ukuthi alimale ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso.

Kuze kube manje sekutholwe izibhamu ezine, amaphoyisa aveza ukuthi kusaphenywa ukuze kutholakale ukuthi lezi zikhali azisetshenziswa yini kwamanye amacala abucayi esifundazweni.


Uthukela Times All Rights Reserved