I-ANC IBUNGAZA IMINYAKA ENGU 114 YASUNGULWA


Namuhla kuhlangana iminyaka engu-114 kwasungulwa i-African National Congress (ANC), okuyenza ibe yinhlangano endala kunazo zonke elwela inkululeko ezwenikazi lase-Afrika.

lenhlangano ibilokhu ikhumbula lengqophamlando isonto lonke eRustenburg, eNorth West, ngochungechunge lwemicimbi. Lokhu kuhlanganisa imikhankaso yendlu ngendlu kanye nomcimbi wokusika amakhekhe, nemigubho ezophothulwa embuthanweni ozoba seMoruleng Stadium ngoMgqibelo.

UMengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa kulindeleke ukuthi asebenzise lo mhlangano ukuze acacise izinto ezibalulekile zeqembu njengoba kuqala unyaka.

UNobhala-Jikelele we-ANC uFikile Mbalula uthi umgubho wangoJanuwari 8 udlulela ngale kokugubha usuku lokuzalwa kweqembu.

“Umgubho we-ANC umayelana nokuvuselela nokuqhubeka nokulwela inkululeko. Umayelana nokusebenzisana nabantu baseNingizimu Afrika ukudala amathuba omsebenzi nokuthola imiyalelo yokumasha evela kumengameli,” kusho uMbalula.


Uthukela Times All Rights Reserved