ERSITY
UMengameli waseNingizimu Afrika, uCyril Ramaphosa, ubambe iqhaza engxoxweni ngobuchwepheshe bokwenziwa kobuhlakani (AI) eStanford University Graduate School of Business eMelika.
Le ngxoxo ibigxile ocwaningweni olusha lwe-AI, intuthuko yezobuchwepheshe, ukusungula izinto ezintsha kanye nomthelela walobu buchwepheshe emhlabeni.
Lokhu kuyingxenye yohambo lukaRamaphosa lokusebenza eSilicon Valley, lapho ehola khona ithimba laseNingizimu Afrika ukuyofunda ngamathuba e-AI kwezomnotho, ukutshalwa kwezimali, ezokuphepha, ukuthuthukiswa kwamakhono kanye nekusasa lemisebenzi.
