UMnyango wezemiSebenzi nezabaSebenzi, ngokubambisana noMnyango wezaseKhaya kanye namaphoyisa, ubophe abantu abangu-26 ngesikhathi somsebenzi wokuhlola izinkampani ezintathu endaweni yaseKwaSithebe, eMandeni, ebusuku.
Phakathi kwababoshiwe kubalwa abokufika abangu-24 okusolwa ukuthi bahlala kuleli ngokungemthetho, abanye bevela eLesotho kanti abanye baseChina. Kuboshwe nabaqashi abathathu.
Lezi zinkampani zithole imiyalelo yokumisa ukusebenza ngenxa yokungalandeli imithetho yezempilo nokuphepha emsebenzini. Kuphinde kwatholakala ukuthi azikhokhi abasebenzi ngokwemali encane ebekwe ngumthetho, kanti azibhalisile kuCompensation Fund naku-UIF.
UMnyango uthi uzoqhubeka nemisebenzi yokuqinisekisa ukuthi abaqashi nabasebenzi bayayilandela imithetho yezwe.
