Umculi weGospel uFikile Mlomo (42) ucela uxhaso ngokuhlinzwa kwakhe umgogodla. Lo mculi wodumo lwengoma ethi Ngicela Inkonzo ulaliswe esibhedlela izinyanga ezimbili engakwazi ukuhamba kanti usanda kutholakala ukuthi unesimila somgogodla.
UFikile wayewumqemane, futhi enomdlandla, kodwa wavele wagula ngolunye usuku ekuseni ephethwe iqolo futhi engakwazi nokuhamba. Waqala wasebenzisa isihlalo esinamasondo amasonto ambalwa ngesikhathi odokotela benza izivivinyo eziningana ukuze bathole kahle isimo sakhe. Ngemva kwezinyanga ezimbili esesibhedlela, uFikile utshela abezindaba ukuthi kutholakale ukuthi unesimila somgogodla. Ngokusho kodokotela lesi sibangelwa sibangelwa ukusondelana namakemikhali athile ayingozi. Ngokuvamile kubonakala ngobuningi obungavamile bezicubu ezizungezile noma ngaphakathi kwentambo yomgogodla. Ngokocwaningo lwezokwelapha, izimila zomgogodla zingacindezela izinzwa zomgogodla, okungaholela ekulahlekelweni ukunyakaza noma ukuzwa okungaphansi kwendawo yesimila futhi lokhu kungabangela izinguquko ekusebenzeni kwamathumbu nesinye noma ukulimala unomphela kwezinzwa.
Njengamanje akakwazi ukukhokhela ukuhlinzwa, uFikile usecele usizo abangani bakhe basembonini yomculo wokholo. “UThinah Zungu noBI Phakathi bebehola umkhankaso wokulekelela ekuqoqeni imali yokwelashwa kwami, ngikholwa ukuthi uNkulunkulu uthembekile futhi uzongisiza kulokhu.’ uThinah uzobe ephethe umcimbi wokuhlanganisa abantu abaningi ukuze lo mculi ahlanganise u-R50 000 nangaphezulu “Nami iminikelo yamukelekile.