Umqondisi wezithombe weBlack Brain Pictures ophinde abe ngumlingisi weSkeem Saam, uNompilo Mwelase, usegcine exolisile ngendlela abephatha ngayo abasafisa ukulingisa ngesikhathi kuqhubeka inhlolokhono ebingoJanuwari nonyaka eThekwini kanye naseNyukhasela, KwaZulu-Natal. UMwelase ubesolwa ngokuba luhlaza, ukuphelelwa yisineke nokuphatha osaziwayo.
UBlack Brain osekhiqize imidlalo ewuchungechunge yaseMzansi efana neLockdown, Black Door neCity Sesla ephethwe wumdidiyeli omkhulu nomlingisi uMandla N, uthole ukugxekwa ngemuva kwalolu hlolokhono abaningi belufaka ezinkundleni zokuxhumana bekhala ngokuthi baphathwa kabuhlungu yilomlingisi. Amaziko ezindaba amaningi abhala ezinkundleni yezokuxhumana ngaleso sikhathi athe abantu bebengaphathwa ngendlela futhi osaziwayo abebelapho bebengabambi ngisho ulayini njengabo bonke abantu kodwa osaziwayo babenikezwa impatho ekhethekile.
Muva nje, uMwelase uxolisile ngokuziphatha kwakhe wathi ukuhlala kwakhe nogogo wakhe kumkhumbuza izinto eziningi futhi okumenze egcina ekhuluma ngalesi sigameko esenzeka ekuqaleni konyaka. “Into engangingakaze ngicabange ukuthi izokwenzeka yenzekile kulo nyaka. Ngangibuhlungu futhi ngithukuthele kuNkulunkulu. Umbuzo wami omkhulu kuye wawuthi: “Kungani ungenzela lokhu kodwa uyazi kahle inhliziyo yami’. Angazi ukuthi kwenzekani kuleyo nhlolokhono kodwa kukhona okushintshile kimina engingakwazi nokukuchaza. Ngaleso sikhathi, ngenza lokho engangicabanga ukuthi kulungile ‘ukuba ngifeze umsebenzi futhi ngakhohlwa into eyodwa, ngangibhekana nabantu futhi abantu banemizwa, badlula kokuningi futhi abanye bathatha isibindi sabo sokugcina ukuya lapho. Ngisabheka engangikufuna ngaphelelwa yisineke ngasebenzisa intando yami ngakhohlwa umuntu owayengithume lapho,” usho kanje.
Uqhubekile nokubonga abambambe isandla ngesikhathi ebhekene nobunzima bokugxekwa, “Ngibonga nabantu engingabazi abangithumelele imiyalezo emnandi, abantu engisebenza nabo kanye nethimba lonke leBlack Brain ngokungeseka ngisho kuphakathi kwesivunguvungu ebengikuso,” kusho yena.
“Siyaphila futhi sifunde. Ngiyethemba ukuthi iphutha lami lishiya umyalezo ocacile othi ‘ungasebenza entweni iminyaka futhi kuzothatha umzuzu ukuthi yonke idilike’. Faka uNkulunkulu kukho konke okwenzayo ngoba noSathane naye akahleli,’ kusho yena.