Umlingisikazi owine izindondo, uVatiswa Ndara, wagqama ngesikhathi edlala indawo kaMiriam emdlalweni oshisa izikhotha ku-SABC1 iHome Affairs futhi yiyona le ndima emenze waba nabalandeli abaningi futhi yamsiza ekumethuleni ekubeni ngumdlali ovelele asenguye namuhla. Uyidlale ngokukhulu ukuzimisele waze wawina izindondo ezahlukene, okuhlanganisa nomlingisi oweseka kakhulu kuma-SAFTAs okuqala ngo-2006.
Umthombo osondelene nalo mlingisi uthi usefisa ukubuyela othandweni lwakhe lokuqala, lokulingisa. “Ufuna ukubuyela kulomkhakha kodwa akafuni ukuzibandakanya nepolitiki nokukhuluma okukuyo,” kusho umthombo.
Yize engekho kumabonakude kodwa usasebenza njengecoice over artist ezinkampanini ezahlukene kodwa into okuthiwa uyifuna kakhulu wukubuyela kumabonakude. “Kuyadabukisa ukungabe sisaba naye kumabonakude wethu ngoba ungomunye wezihlabani ezithandwa kakhulu eNingizimu Afrika,” kusho omunye umthombo.
Ngesikhathi egcina kumabonakude, bekunokukhuluma okuningi okumzungezile, okumenze kwanzima ukusebenza naye. Umdlalo abonakale kuwo wokugcina bekuyiThe Queen, ayishiya ngesikhathi kunokungaboni ngaso linye phakathi kwakhe nabaphathi bakhe, uShona noConnie Ferguson. Lo mdonsiswano waba sematheni izinyanga zilandelana waze wabhala incwadi ngo-2019 eya kowayenguNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko, uMnuz Nathi Mthethwa, lapho ezwakalise khona izikhalo zakhe ezihlanganisa izikhalo zamaholo namahora okusebenza, phakathi kokunye.