Izolo ekuseni kuvele uthi kunesalukazi esishe sanqonqa nendlu endaweni yase Drycott eLoskop Estcourt KwaZulu-Natal, Ugogo uNtombikayise Zuma (77) ubehlala nomzukulu wakhe womfana yena osindile kulomlilo.
Umndeni wakwaZuma usale dengwane ngoba kushe yonke impahla ebeyingaphakathi endlini yaphenduka umlotha.
Kanti iKhansela lendawo uShabalala uziqinisekisile lezindaba wathi kodwa imbangela yomlilo ebingakaziwa
Imeya kamaspala Inkosi Langalibalele u numz. Mduduzi Myeza usendlulise amazwi enduduzo emndeni ka gogo Zuma.