Umgwaqo uR74 kubikwa ukuthi uvaliwe ngenxa yombhikisho waseMuden
amaphoyisa omgwaqo athi asiqhaphile isimo ku-R74 ngaseGreytown, njengoba lomgwaqo uvaliwe phakathi kweMuden neColenso ngenxa yombhikisho oqale ngoLwesibili.
Abahlali baseKwaGqomba bakhala ngokushoda kwamanzi, bethi uMasipala Wesifunda uMzinyathi awukaze uxhumane nabo ngalolu daba.Okhulumela iRoad Traffic Inspectorate, uSindi Msimang, uthe ababhikishi bavale umgwaqo ngamatshe amakhulu kanti futhi bashisa amathayi.
Uthe abanye babaphonsela ngamatshe izimoto ezidlulayo, wathi abashayeli kufanele bayigweme lendawo futhi basebenzise i-Estcourt njengenye indlela.
