Sekudlule iminyaka engaphezu kwemibili izikhulu zoMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu KwaZulu-Natal zavakashela iphrojekthi yezindlu ezingakaqedwa e-Acaciavale, eMnambithi, kodwa izakhamuzi zithi akukho nqubekela phambili ebonakalayo kule ndawo.
Lephrojekthi yavakashelwa ngoJulayi 2024 nguNgqongqoshe wangaleso wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uSiboniso Duma, kulandela ukukhathazeka ngokubambezeleka kokwakhiwa kwezindlu.Lephrojekthi ebiza imali engaphezu kuka R20 million, obekulindeleke ukuthi ihlinzeke ngezindlu cishe ezingu 150 kubantu base-Ndomba.
Umphakathi wakulendawo usukhathazekile ngoba kubukeka ezinye zalezi zindlu seziqala ukucekeleka phansi, kanti kubukeka sengathi nezigilamkhuba seziyejwayela ukugilela kuzona imikhuba eyehlukene njengokubhema, ukuzikhulula nokunye.
Ngaleso sikhathi, uMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu wathi iphrojekthi ibhekene nezinselelo ezahlukene, okubalwa kuzo izindaba zamadokhumenti obunikazi bomhlaba, amanzi kanye nokuthuthwa kwendle. Kodwa,sekudlule iminyaka engaphezu kwemibili, izakhamuzi zithi lezi zindlu azikaqedwa futhi awukho umsebenzi wokwakha oqhubekayo kule ndawo.
