Imishini yokulungisa umgwaqo isifikile eJonono eMnambithi, njengoba sekuphinde kwaqalwa umsebenzi wokulungisa umgwaqo uL370 obukade usesimweni esibi.
Lokhu kulandela ukuthi ngenyanga edlule amadoda aseJonono avakashele amahhovisi oMnyango Wezokuthutha eMnambithi efuna izimpendulo mayelana nokubambezeleka kokulungiswa kwalo mgwaqo.
UMnyango wawachazela ukuthi ubhekene nezinselelo zezimali, okwenze ukuthi ungabi nayo imali eyanele yokusebenza, kwaba nzima ukuqhubeka nemisebenzi yokulungisa imigwaqo.
UKhansela weWard 23, uThobani Dlamini, ukuqinisekisile ukuthi ngemuva kwalolo hambo lwamadoda aseJonono, uMnyango Wezokuthutha usuthumele imishini endaweni futhi umsebenzi usuyaqhubeka.
UKhansela ubonge kakhulu amadoda aseJonono ngokukhetha indlela yokuxoxisana noMnyango ukuze kudingidwe izinkinga zomphakathi. Uphinde wancoma uMnyango ngokusabela esikhalweni sabahlali nokuthatha izinyathelo zokulungisa lo mgwaqo.
