Kube nenjabulo eFuyeni, eWard 12 ngaphansi kukaMasipala waseMfolozi,oholwa uMeya ukhansela uXolani Bhengu ngesikhathi kwethulwa ukwakhiwa kweNhlangwini Access Road kanye ne-High Mast Light,.Lomcimbi ubuhanjelwe iMeya kaMasipala uKhansela uXolani Bhengu, ophinde abe yikhansela laseWard 12, ehambisana noSomlomo, uKhansela uMkhangezeni Mthiyane, amakhansela kanye nezikhulu zikamasipala.
UMeya Bhengu uthe lezi zinhlelo ziqhamuke ezicelweni zomphakathi ezethulwa emihlanganweni yomphakathi.Uthe umasipala uzimisele ngokuletha intuthuko ezosiza abantu isikhathi eside, ikakhulukazi ngokwakha imigwaqo nokuthuthukisa ingqalasizinda.
UMeya uthe ukwakhiwa kwemigwaqo kungenye yezinhlelo ezibekwe eqhulwini ngumasipala ukuze kuthuthukiswe izimpilo zabahlali baseMfolozi.
