Umholi weqembu i-Action SA esifundazweni saKwaZulu Natali uZwakele Mncwangi uthi sebevule icala emva kokususwa kwwezingqwembe EZ ezikhangisa ngeqembu aliholayo i-Action SA.
UMncwango kwiVideo efakwe ngenye yezintatheli kuFacebook uthi lokhu kwenzeke ikakhulukazi ezindaweni ezisondelene nenkundla yezemidlalo iMoses Mabhida eThekwini kulempelasonto esiphuma kuyo. Lomholi uthi umsolwa ohamba phambili kuleli cala yiqembu le-Inkatha Freedom Party ngoba yilona ebeligcwele eMabhida ngempelasonto,”UMsolwa omkhulu kulelicala yiNkatha, yibona abebegcwele eThekwini ngempelasonto. Kuyamangaza ukuthi njengoba silindele ukuba nokhetho olukhululekile kodwa kusekhona amaqembu asenza lento. Lapho ebekufakwe khona amabhodi e-Action SA, sekufakwe amabhodi e-IFP, kodwa sizoyekela umthetho udlale indima,” kuchaza uMncwango.
Iqembu le-Inkatha Freedom Party belingakaphawuli ngaloludaba.