Utshele Inkantolo ukuthi usehlala ngokwesaba futhi useyinkomo edla yodwa umgilwa ecaleni,lowesilisa oneminyaka engu 34 ubudala olahlwe yicala lodlwengula .Lokhu kuza nje iNkantolo yesiFunda eMgungungundlovu igweba umlisa oneminyaka ewu-34 ubudala udilikajele ngemuva kokulahlwa olahlwe ngecala lokudlwengula owesifazane oneminyaka ewu-33 ubudala phakathi ku-2022 no-2023. Umgilwa nommangalelwa babazana njengoba bebesebenza ndawonye.
Ubufakazi obuvele enkantolo bukhomba ukuthi ummangalelwa wasondelana nomgilwa owayenokuphazamiseka ekhanda bagcina bengabangani ngaphambi kokumdlwengula izikhawu ezintathu emsebenzini. Unina kamgilwa waqala wakhathazeka ngendodakazi yakhe eyayanezimpawu ezididayo wagcina wayibuza. Umgilwa wagonyuluka iqiniso kunina kwabikelwa amaphoyisa kwaboshwa ummangalelwa.Umgilwa wayiswa e-Edendale Thuthuzela Care Centre (TCC) wathola usizo lezempilo welulekwa ngokwengqondo.
Inkantolo ibheke ubufakazi,yamlahla ngecala ummangalelwa yamgweba udilikajele. Ngaphezu kwesigwebo inkantolo ithe Igama lakhe lizofakwa ohlwini lwabanukubeza ngokocansi kuzwelonke.
