Uthisha webanga le-12 utholwe elenga ezinkundleni zemidlalo esikoleni ngoLwesithathu ekuseni. Ngokwemibiko, lo thisha utholwe ngonompilo eHyde Park Secondary School, eGauteng.
UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng, uMatome Chiloane, uzwakalise ukudabuka ngalezi zigameko wathumela namazwi enduduzo emindenini yabashonile. UChiloane uthe ngokolwazi olukhona, lo thisha utholwe ezikhungile izolo ekuseni endaweni yezemidlalo esikoleni. Uhlonzwe njengoshonile ngesikhathi kufika endaweni yesigameko abosizo lokuqala. “Amaphoyisa aphenya isimo sesigameko,” kusho uChiloane.
Esigamekweni sesibili esibuhlungu ngoLwesibili, kushone umfundi wesilisa owenza uGrade 11 esikoleni samabanga aphezulu iJeppe for Boys eGoli ngesikhathi bebhekene neDie Anker eBrakpan.
Ngokusho kukaChiloane, umfundi ubengaphathekile kahle ngemuva komdlalo kanti abezimo eziphuthumayo endaweni bazamile ukumqinisa base bethinta i-ambulensi ukuze bathole olunye usizo lwezempilo. “Ngeshwa lo mfundi ushone ngemuva nje kokufika kwe-ambulensi. Uphiko lwethu losizo lwezengqondo nomphakathi luthunyelwe kuzona zombili izikole ukuze bathole ukwelulekwa nokusekela abahlukumezekile. Sibonga iSouth African Depression and Anxiety Group (SADAG) ngokusizakala kwabo.” kusho uChiloane. “Sidumele kakhulu ngalezi zigameko ezibuhlungu futhi sifisa ukudlulisa amazwi enduduzo emindenini yabashonile, kanjalo nasemiphakathini yezikole,” kusho uChiloane.