UHulumeni waKwaZulu-Natal uveze ukukhathazeka okukhulu ngesimo esibhekene noMasipala wesiFunda uThukela kanye noMasipala waseMpendle, njengoba laba masipala bekhungethwe izinkinga zokuphathwa kwezimali nokulethwa kwezinsiza.
UMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ukhulume ngalolu daba ngesikhathi ethula umbiko phambi kwamalungu oMkhandlu Kazwelonke abehambela isifundazwe ukuzolandelela inqubekela phambili kusukela ekuhambeleni kwawo ngonyaka odlule.
UButhelezi uthe nakuba isimo sesingcono komasipala abaningi ababebhekwa njengabasengcupheni, uThukela noMpendle basaqhubeka nokubangela ukukhathazeka.
Uthe uMasipala wesiFunda uThukela ubhekene nezinkinga zezimali, izikweletu ezinkulu zamanzi, ingqalasizinda ewohlokayo kanye nemibiko engemihle evela kuMcwaningi-mabhuku. Uthe uhulumeni useqalile uhlelo lokungenelela olubandakanya izinhlaka ezahlukene ukuze kusizwe umasipala.
Ngakolunye uhlangothi, isimo eMpendle sichazwe njengesibucayi, njengoba abasebenzi kuthiwa sebehambe izinyanga ezine bengayitholi imiholo. UMgcinimafa uphinde wagodla ingxenye yesabelo sikamasipala ngenxa yezinkinga ezikhona.
UButhelezi uthe uhulumeni usefake uMasipala waseMpendle ngaphansi kweso lomlawuli futhi sekuqalile ukubonakala izimpawu zokuba ngcono.
