Umakadebona womgadli Thamsanqa Aubrey GABUZA (36) ongowokuzalwa khona lapha Emnambhithi obegijima kwi TS Galaxy sekusheshe kwaphela yena naleliqembu ebebethi bazama ukukuhlanganisa njengoba engeke esalidlalela leli qembu lika Sukazi.
Ngokusho kwemithombo ethembekile ithe (Ama Rockets) okuyi gama lesidlaliso se TS Galaxy bakuqinisekisile ukuthi uzoyithola yonke imali yakhe yanyanga zonke kuze kuphele inkontileka yakhe ne phela ngo Nhlangulana wakulonyaka.
GABUZA wazakhela igama emaqenjini amaningi lapha emzansi, kanti kamumva nje ube sematheni nge zinto eziningi ezingezinhle njengoba ubengena ephuma ezinkantolo mayelane nama cala abe yamaniswa nawo okubalwa awokushaya noma kungenasidingo, ukufuna ukuthatha Inyama yomlenze ngokungemthetho kanjalo nokulimaza impahla. Lokhu kubonakala kuyikho Kanye okumubangele isigwcagwca kuleli qembu.
Udlale imidlalo eyisishiyagalombili (8) nje vo kuleliqembu futhi wehluleka ukubhakuzisa inethi Kanti wagcina ukubonakala ekundleni ngenkathi bedlale ne zinyoni ngomhlaka 8 ku Lwezi nyakenye nalapho angena khona eqhamuka ebhentshini ngo mzuzu Ka 70 engena endaweni Ka Lehlohonolo Mojela.
uGabuza ufika kuleliqembu lase Mpumalanga nje ubevela epitoli lapho ehlale khona iminyaka 4 wakwazi nokuthi anqobe indebe ye MTN 8 ngo nyaka 2019/20 Futhi waba umdlali wosuku ngalelolanga ngenkathi bebhekene Highlands Park,kanti wayengaqali ukuyinqoba le ndebe njengoba wayinqoba esekwi Golden Arrows ngonyaka Ka 2009/10 beshaya Ajax Cape Town ngo 6-0 obuhlungu kabi nokwaba iwona mdlalo osuke waba Namagoli amaningi kangaka Uma kudlalwa owamanqamu.
Akagcinanga lapho njengoba egijime kwezimunyama iminyaka ecela kweyi sthupha njengoba ngonyaka wakhe wokuqala efikile wazihlomulela nge ndodo ye Golide yakwa NEDBANK, wase elala amahlandla amabili ku number 2 beyi Orlando Pirates kwi PSL ngonyaka Ka 2017/18 Kanye no 2018/19, baphinde bashaywa kowamanqamu kwi midlalo ye CAF CHAMPIONS LEAGUE(2013) kanjalo nakwi CAF Confederation (2015).
Udlale imidlalo eyi shumi nambili (12) kwi bafana bafana washaya amagoli amane (4).
Asizwe umbono wakho uthini “kukhona esisengakubona kuyena noma sithi sekwanele mfoka Onhlokonhle, Vezi”.