Abalimi bomoba KwaZulu-Natal bathi bayayithakasela imvula yakamuva esifundazweni ngemuva kwesikhathi eside kunesomiso.kepha bayaxwayisa ngokuthi isimo sezulu esingesihle singadala ukuhasamiseka komsebenzi wokulima kanye nemfuyo uma izimvula zigcina zihlasela ngamandla.
Usihlalo we-South African Farmers Development Association (SAFDA), uDkt. Siyabonga Madlala, uthi abalimi bayasiqaphelisisa isimo sezulu njengoba kulindeleke ezinye izimvula kanye nesimo sezulu esibanda kakhudlwana kwezinye izingxenye zezwe.Uthi izindawo ezisogwini lwesifundazwe iKwaZulu-Natal bezomile kakhulu, futhi bonke abalimi bebeyilangazelele lemvula.
