Oliphini loMqondisi Wezophenyo ku-Independent Police Investigative Directorate (IPID), uLen John, uthi umkhakha wamaloli adonsa izimoto kanye nokudayiswa kwezidakamizwa kuxhumene kakhulu.
UJohn uyaqhubeka nokufakaza ngaphambi kweKhomishini yoPhenyo kaMadlanga ePitoli mayelana namaqembu ezigelekeqe endaweni yaseThekwini kanye nezinsolo zokubandakanyeka kwamaphoyisa.
UJohn utshele ikhomishini ukuthi iningi lamaloli adonsa izimoto lisetshenziselwa ukusabalalisa nokuthutha izidakamizwa ezweni lonke.UJohn uphinde wenza nezinsolo zokuthi amaphoyisa ayabandakanyeka kulolu hlelo.
