Abashayeli bezimoto abama ukuze basize abantu abacela ukugitsheliswa ezindaweni zaseDundee naseNquthu bahlaselwa yizigebengu ezihlomile njengoba sekubikwe izigameko ezimbili kule nyanga.
Amaphoyisa omgwaqo namaphoyisa eSAPS athi kuneqembu lezigelekeqe lamadoda amane asebenza emigwaqeni yendawo. Abasolwa bazenza abantu abadinga usizo bese beyenga abashayeli ukuthi bame ngaphambi kokubamba inkunzi bebakhombe ngezibhamu.
Isikhulu seNquthu Road Traffic Inspectorate, uMnuz Philip Mthethwa, sithe abasolwa bavame ukuthembisa abashayeli u-R100 uma begibela. Uma imoto isimile, umshayeli usatshiswa ngesibhamu bese ebanjwa inkunzi.
Kwesinye isigameko, elinye iqembu labaleka ngemuva kokubona amaphoyisa ezulazula eduze. Kwesinye umshayeli udunwe imoto wayophonswa emfuleni iBuffalo kodwa wasinda.
Amaphoyisa anxuse abashayeli ukuthi bangabathathi abantu abacela ukugitshezwa emigwaqeni. Noma ngubani onolwazi uyakhuthazwa ukuthi athinte i-SAPS.

