Umphakathi waseSahlumbe uvale isikole iSahlumbe High School namuhla, uthi ufuna ukuthi kuqashwe uthisha omkhulu ngokugcwele. Bathi sekuphele iminyaka emibili lesi sikole singenaye uthisha omkhulu okhona nsuku zonke, njengoba okhona bethi usebenza kwesinye isikole kodwa uhola ngeholo laseSahlumbe High School.
Ngenxa yalokhu, othisha nabafundi bajikisiwe babuyiselwa emakhaya. Kuthiwe abafundi mababuye esikoleni ngoMsombuluko. Umphakathi uthi iDepartment of Education ithembise ukuthi le nkinga ingase ixazululwe ngoMsombuluko. Izakhamuzi zithi angeke zivume ukubona izingane zifunda ngaphandle kobuholi obugcwele esikoleni.

