IKhansela leDemocratic Alliance (DA) kuWard 12 kuMaspala wase-Alfred Duma, uSharon Buys, selibhalele iMeya uZama Sibisi licela incazelo ephelele mayelana nokuvalwa kwezitolo ngesikhathi sokuhlolwa kwamabhizinisi okwenziwa eMnambithi.
Encwadini, uBuys uthi uyakusekela ukuqiniswa komthetho nokuvikelwa kwempilo yomphakathi, kodwa ugcizelela ukuthi zonke izinyathelo ezithathwayo kumele zihambisane nomthetho, zibe sobala futhi zibe nobulungiswa. Ufuna uMasipala uchaze ukuthi yimiphi imithetho eyasetshenziswa ukuvala amabhizinisi, indima eyadlalwa uMasipala Wesifunda uThukela, iSAPS, uMnyango WezaseKhaya nezinye izinhlaka ezibambe iqhaza kulolu hlelo.
Liphinde lacela imininingwane yokuthi zingaki izitolo ezahlolwa nezavalwa, yiziphi iziphambeko ezatholakala, ukuthi bangaki osomabhizinisi asebevunyelwe ukuvula kabusha, nokuthi yiluphi usizo olunikezwe labo abathintekile ukuze bahambisane nemithetho.
Ngaphezu kwalokho, le ncwadi iphinde iphakamise ukukhathazeka ngezinkinga zamanzi nokuchitheka kwendle, okuyizinto okuthiwa nazo zibeka engcupheni impilo yomphakathi. IKhansela lifuna uMasipala unikeze umbiko obhaliwe futhi lolu daba luphuthunyiswe eMkhandlwini ukuze luxoxwe ngokusemthethweni.
