Sebemisiwe emsebenzini onogada ababonakale bebhaxabula isiguli kwivideo eqoshiwe okuthiwa ithwetshulwe ngesinye seziguli esibhedlela sikahulumeni esisedolobheni eMnambithi. kuleVideo kubonakala onogada ababili beshaya lesi sigulu ngezimpama beshintshana ngaso, kanti isiguli sona sizwaka siklewula sisho ngengila sixolisa. noma sesixolisa isigulu kodwa labonogada babonakala beqhubeka besitalabha ngezimpama.
Ngokusho kwezwi elikhuluma phezu kwalevideo, nokukholakala ukuthi yizwi lalesi siguli ebesithwebula, levideo, lento yokushawa kwalesi sigululi yinto eyenzeka nsuku zonke ngoba singumuntu onedlozi.
lowo ongumxhumanisi womphakathi nezindaba zomphakathi uMnumzane uThabo Sithole ukuqisekisile ukuthi bayibonile nabo levideo futhi kubathuse kakhulu njengesibhedlela ukuthi kuke kwenzeka isigigaba esifana nalesi. ube eseqinisekisa ukuthi onagada ababonakala kwivideo sebemisiwe emumva kophenyo olwenziwe ngaphakathi. USthole uphinde waqinisekisa ukuthi bonke labo abathintekayo kulesi sigameko bezoqondiswa izigwegwe uma sekuphothulwe lonke uphenyo.