Umphakathi waseWard 34 ngaphansi kukaMasipala wase-Alfred Duma ususabise ngokungayi okhethweni loHulumeni Bezindawo oluzoba mhla zingu-4 kuLwezi uma inkinga yokushoda kwamanzi ingaxazululwa.
Abahlali bathi sekuphele izinyanga bengenawo amanzi, kanti yize sebefake izikhalazo eziningi kuMasipala uThukela nakuMasipala wase-Alfred Duma, abakatholi izimpendulo ezigculisayo. Baphinde bathi noma bebika lolu daba kukhansela lendawo, akukho zixazululo ezibonakalayo.
Bathi ngenxa yalesi simo baphoqeleka ukuqasha izimoto ukuze bayofuna amanzi kwezinye izindawo, kanti nezimpompi zomphakathi eziphukile azilungiswa.Ikhansela lendawo, uMzuzwana Magasela, livumile ukuthi isimo sibi. Lithe: “Ngikhathele mfwethu. Sengimemeze ngaze ngasha izwi. Okunye sengisabela nempilo yami ngoba kuba sengathi ngilwa nabathize.”
Umphakathi uthi ngeke uvumele kuvulwe izikhungo zokuvota eWard 34 uma izikhalo zawo zinganakwa futhi inkinga yamanzi ingaxazululwa ngaphambi kosuku lokhetho.
