Ikhala liyazithulisa ikhehla lakwaMtambo eDriefontein ngaseNtuthwini, eMnambithi, ngemuva kokuba umlilo ushise izindlu zalo ezimbili ngempelasonto.
UMnumzane Mtambo uthi akakazi ukuthi umlilo uqale kanjani, kodwa kusolwa ukuthi uqhamuke ngesikhathi kushiswa isikhotha, wase usudlulela ezindlini zakhe zesintu.
Uthe ulahlekelwe yikho konke abenakho, okubalwa izingubo, impahla yasendlini kanye nezingubo zakhe zesonto azisebenzisela ukukhonza eBandleni lamaNazaretha (eBuhleni).
Njengoba esele engenalutho, uMnumzane Mtambo usenxuse uhulumeni, osomabhizinisi, izinhlangano ezisiza umphakathi kanye nanoma ubani onenhliziyo enhle ukuba bamnike usizo ukuze akwazi ukuqala kabusha impilo yakhe.
